Ngiyaqala nqa ukubhala ibhulogi ngesiZulu futhi angazi ukuthi kuyenziwa yini lokhu lapha eNingizimu Afrikha. Yebo ngiyathanda ukusifunda isiZulu kodwa akaze nje nakancane ngabhala into ngolimi lwesiZulu ukuze ifundwe ngabanye. Ngiyethemba ukuthi nizokujabulela lokhu. Okokuqala ngithanda ukusho ukuthi angibhali leli bhulogi ngilandela imithetho yokubhala ngoba mina ngikholelwa ukuthi uma umuntu abhala imizwa yalhe kumele abhale ngendlela ayifunayo ngakho ngicela ukuthi uma ufunda lapha naka engikushoyo kodwa uyeke umzimba webhulogi.
Njengoba isihloko sisho ukuhumusha, ngithanda ukunitshela ngothando lwami lokuhumusha. Ave ngizidla ngezinto engizenzayo okwamanje, akaze ngacabanga ukuthi mina ngingahumusha futhi ngikuthande kangaka. Le nto engiyenzayo ibizwa ngokuthi yi-localization, lokhu ukuhumusha okulotshwe kwikhompyutha yakho kanye naku-inthanethi phecelezi i-software translation. Ngingathanda ukunitshela kabanzi ngalokhu kodwa lokho kuzavela kwamanye amabhulogi wami. Mina bengithanda ukunitshela ngokujabula kwami kuphela. Ngiyethemba ukuthi bakhona abanye abantu abahumusha ngesiZulu abanamabhulugi afana newami.
If you would like to know what I was up to got to this link: http://www.youtube.com/watch?v=43YeePzFZ4g
No comments:
Post a Comment